I-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana , noma yiluphi ilunga le-asosiyeshini noma omunye umuntu othintekayo, angenza isicelo enkantolo sokuthi i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana impahla yayo ihlakazwe ngu-Director-General noma ivalwe kanye nokuthengiswa kwempahla yayo . Inkantolo elalela isicelo kumele kube yidivishini yeNkantolo ePhezulu noma iNkantolo kaMantshi enamandla okubhekana nenqubo yobulungisa endaweni lapho i-asosiyeshini etholakala khona noma esebenzela khona. Izinkantolo zingakhipha umyalelo kanjena uma kuyinto engcono nelungele isimo.
isinqumo sithathwe yiningi lamalunga abekhona noma abemele emhlanganweni; kanti futhi zonke izinto ezifanele okumele kubhekwane nazo ngaphambi kokukhipha kuhla lobhaliso, ezibandakanya indlela impahla nezikweledu ze-asosiyeshini noma ze-asosiyeshini yesikhashana okuzobhekwana nazo ngayo, noma okuye kwabhekwana nazo ngayo.
Uma inkantolo ithatha isinqumo sokuvala i-asosiyeshini, noma i-asosiyeshini yesikhashana, izonquma ngokuthi impahla ye-asosiyeshini noma ye-asosiyeshini yesikhashana kuzobhekwana kanjani nayo ngendlela elinganayo nelungile. Inkantolo izobheka noma yiziphi izincomo ezenziwe ngu-Director-General maqondana nokwabiwa kwempahla.
Ichaze isizathu sokuthi kungan inkampani noma i-CC yenza isicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso.
Lapho kukhonakala khona, ikhombise inombolo yentela yenkampani noma ye-CC.
Bonke o-director kanye namalunga enkampani noma be-CC kumele basayine incwadi uma kuyisicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso abazenzela bona ngokuvuma kwabo ukuthi inkampani ikhishwe kuhla lobhaliso.
Ukukhishwa kuhla lobhaliso kuthatha cishe izinyanga eziyisithupha.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
